Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 4:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 4:18
15 Referans Kwoze  

Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.


Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo akuqedi kuphela ukuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi,


nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.


nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.


Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,


Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda;


Woyishisa yonke inqama e-altare; kungumnikelo wokushiswa kuJehova, yiphunga elimnandi, ngumnikelo womlilo kuJehova.


nenze umnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo, ukwenza iphunga elimnandi kuJehova, owezinkomo noma owezimvu,


Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.


Ngaphanga amanye amabandla, ngithatha iholo kuwo, ukuba ngikhonze nina;


nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite