Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 3:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwana sakwaBhenjamini, umHebheru wamaHebheru, ngokomthetho ngingumFarisi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu; ngokomthetho ngingumFarisi;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu; ngokomthetho ngingumFarisi;

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 3:5
16 Referans Kwoze  

BangamaHeberu na? Nami. Bangaba-Israyeli na? Nami. Bayinzalo ka-Abrahama na? Nami.


Ngalokho ngithi: UNkulunkulu usilahlile isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini.


Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.”


“Mina ngiyindoda engumJuda, ngazalwa eTarsu laseKhilikhiya, kodwa ngakhulela kulo muzi, ngafundiswa ngasezinyaweni zikaGamaliyeli ngesineke ngomthetho wawobaba, ngashisekela uNkulunkulu njengokuba nonke ninjalo namuhla;


Onezinsuku eziyisishiyagalombili phakathi kwenu uyakusokwa, bonke abesilisa ezizukulwaneni zenu, lowo ozelwe endlini nalowo othengwe ngemali kowezizwe, ongesiye owenzalo yakho.


Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukusoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakariya.


Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla.


Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu, elaliqanjiwe yingelosi, engakathatshathwa esiswini.


Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova, uNkulunkulu wasezulwini, owenzile ulwandle nomhlabathi owomileyo.”


AmaFilisti esezwa umsindo wokukhamuluka athi: “Uthini umsindo walokhu kukhamuluka okukhulu ekamu* lamaHeberu na?” Aqonda ukuthi umphongolo kaJehova ufikile ekamu.


Ngokuba ngebiwa nokwebiwa ezweni lamaHeberu, nalapha futhi angenzanga lutho ukuba bangifake emgodini.”


Kepha kweza ophunyukileyo, wamtshela u-Abrama umHeberu, ngokuba wayehlala ngasema-okini* kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; labo babehlangene no-Abrama.


Kwakukhona nathi lapho insizwa, umHeberu, inceku yenduna yemilindankosi; sayilandisa yona, yasichazela amaphupho ethu, yachazela, kwaba yilowo nalowo ngokwephupho lakhe.


Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite