Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 3:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 ngiphokophele emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu, nguNkulunkulu kuJesu Khristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okuphezulu kukaNkulunkulu kuKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okuphezulu kukaNkulunkulu kuKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 3:14
20 Referans Kwoze  

Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.


“Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


siniyala, sinimisa isibindi, sifakazela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizela embusweni nasebukhosini bakhe.


Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,


Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.


Ngakho-ke masidlule esifundisweni sokuqala ngoKristu, siqhubekele kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu,


Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade,


“Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela kuleso sikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo.


ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho.


Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,


Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama,


owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite