Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 2:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza okupheleleyo, abanjalo-ke nibahloniphe,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngentokozo yonke; futhi nibahloniphe abanjalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngentokozo yonke; futhi nibahloniphe abanjalo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 2:29
21 Referans Kwoze  

Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.


Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo,


Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.


ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize noma kuyiphi into angase ayidinge kini, ngokuba yena ube ngumsizi wabaningi, nowami uqobo.


Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe, kepha yilowo iNkosi emncomayo.


Kepha nxa kufika uThimothewu, anobheka ukuba ahlale kini engenalo uvalo, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami;


Ngalokho uma ngiza, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, esihleba ngamazwi amabi; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni.


Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.


Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye – uma efika kini mamukeleni –


Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu; asonanga muntu, asonakalisanga muntu, asidlanga muntu.


Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”


basitusa ngokutusa okuningi; kwathi mhla simuka ngomkhumbi, basinika esikudingayo.


kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.


Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.”


Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.”


Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, nomemezela ukuthula, obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyinkosi.”


Ngalokho ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, kimi kunciphe usizi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite