Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 2:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Impela wayegula, kwembulwa kwembeswa, kodwa uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, nami imbala wangihawukela, ukuze ngingabi nosizi phezu kosizi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ngokuba nempela wayegula esondela ekufeni, kepha uNkulunkulu wamhawukela; njalo kungeyisikho kuye yedwa, kodwa lakimi, ukuze ngingabi losizi phezu kosizi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngokuba nempela wayegula esondela ekufeni, kepha uNkulunkulu wamhawukela; njalo kungeyisikho kuye yedwa, kodwa lakimi, ukuze ngingabi losizi phezu kosizi.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 2:27
23 Referans Kwoze  

Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.


ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.


kepha okungcono kunalokho, nimthethelele, nimduduze, funa onjalo ahlulwe ngukudabuka okukhulu.


Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.


Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa; sebemgezile bambeka ekamelweni eliphezulu.


Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha; yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi.


Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.


Jehova, ngizwile umbiko ngawe, ngiyesaba izenzo zakho; zivuselele phakathi kwale minyaka, wenze ukuba zaziwe kule minyaka, ukhumbule umusa nasolakeni.


Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho.


Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami, inhliziyo yami idangele.


Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu; wena wawuthanda umphefumulo wami, waze waphuma egodini lokubhujiswa, ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.


Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa; wabasusa ngomoya wakhe olukhuni ngosuku lomoya wasempumalanga.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”


Uthi wena: ‘Maye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.’


lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula.


Ngalokho ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, kimi kunciphe usizi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite