Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 2:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Lokhu ulangazelela ukunibona nonke, ukhathazekile ngenxa yokuba nizwile ukuthi ubegula.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Ngokuba ubenilangazelela nonke, edabukile, ngokuba nizwile ukuthi ubegula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngokuba ubenilangazelela nonke, edabukile, ngokuba nizwile ukuthi ubegula.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 2:26
23 Referans Kwoze  

Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.


Ngalokho ngiyacela ukuba ningadangali ngezinhlupheko zami ngenxa yenu, okuludumo lwenu.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.


Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa, kepha izwi elihle liyayithokozisa.


Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa.


ukuthi nginokudabuka okukhulu nobuhlungu obungapheliyo enhliziyweni yami.


Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi.


“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami, ngigula kakhulu; bengibheka ukuhawukelwa, kepha akwabakho, nabaduduzayo, kepha angibatholanga.


Inkosi uDavide yalangazelela ukuya ku-Abisalomu, ngokuba yayisiduduzekile ngo-Amnoni ibona ukuthi sewafa.


enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo,


Ngiyambonga uNkulunkulu wami ekunikhumbuleni kwami konke


Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.


banilangazelele futhi ngokunikhulekela ngenxa yomusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu okini.


Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.


Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe,


Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami, ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike,


UDavide wathi kuJehova, lapho eyibona ingelosi eyayibabulala abantu: “Bheka, mina ngonile, ngenzile okubi; kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”


Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami,


Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite