Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 2:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Kepha ngibone kudingekile ukuba ngithumele u-Ephafrodithu, umzalwane, isisebenzi nebutho kanye nami, isithunywa senu, nesikhonzi ekwesweleni kwami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Nokho ngibone kudingekile ukuba ngithume kini u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi kanye nesosha kanye nami, nesithunywa senu nesisebenzi ekusweleni kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Nokho ngibone kudingekile ukuba ngithume kini u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi kanye nesosha kanye nami, nesithunywa senu nesisebenzi ekusweleni kwami.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 2:25
19 Referans Kwoze  

Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi, oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu;


Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila.


Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.


noMarku, no-Aristarku, noDema, noLuka, izisebenzi kanye nami.


Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna, sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo, ngokuba siyahlumelela inkosi yaso.


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,


sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu evangelini likaKristu, ukuba aniqinise, anivuse maqondana nokukholwa kwenu


noJesu othiwa uJustu; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi.


angibanga nakuthula emoyeni wami, ngokuba ngingamfumananga uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa kubo, ngaya eMakedoniya.


Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.


Khonzani koPriska no-Akwila, izisebenzi ezikanye nami kuKristu Jesu,


Khonzani ku-Urbanu, isisebenzi kanye nathi kuKristu nakuStaku, isithandwa sami.


lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite