Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 2:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Kwenzeni konke ngaphandle kokukhononda nokuphikisana,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Yenzani zonke izinto ngaphandle kokukhonona nokuphikisana;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Yenzani zonke izinto ngaphandle kokukhonona nokuphikisana;

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 2:14
36 Referans Kwoze  

anongenisana ngenjabulo, ningakhononi,


Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.


ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani,


Ningavungamelani, bazalwane, ukuba ningahlulelwa; bhekani, umahluleli umi ngaseminyango.


uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke;


Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.


ngokuba ulaka lomuntu alusebenzi ukulunga kukaNkulunkulu.


Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.


Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani.


Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso.


Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.


Bakhonona besematendeni abo; babengalaleli izwi likaJehova.


Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.


adede ebubini, enze okuhle, afune ukuthula, akujonge,


Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi;


Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo;


Kuthe ukuba kuvele ukuphambana nokuphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyo ndaba.


Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla.


nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.


“Koze kube nini le nhlangano embi ikhonona ngami na? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami.


Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana, nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu,


Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi.


Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.


Ngokuba lawa mafutha nga ethengisiwe ngawodenariyu* abangaphezu kwamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu.” Bamthukuthelela kakhulu.


Kepha sebamukela bakhonona ngomninindlu,


Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela, kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.


Kwathi sebeza kubafundi, babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo.


AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite