Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKhristu, uma kukhona ukududuzeka ngothando, uma kukhona inhlanganyelo kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngakho uba kukhona induduzo kuKristu, uba kukhona induduzo yothando, uba kukhona inhlanganyelo kaMoya, uba kukhona isifuba lesihawu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngakho uba kukhona induduzo kuKristu, uba kukhona induduzo yothando, uba kukhona inhlanganyelo kaMoya, uba kukhona isifuba lesihawu,

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 2:1
42 Referans Kwoze  

Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,


UNkulunkulu akazange abonwe muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.


Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.


ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe, behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele, bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu,


Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,


Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!”


Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.


Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.


“Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo.


Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.


Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,


Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?


Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa;


ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.


Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo,


Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.


munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;


Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke;


Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho ngenxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke.


Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.


Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.


Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.


Ngalokho inhliziyo yami iyakhala njengehabhu* ngoMowabi, nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite