Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 UNkulunkulu ungufakazi wami ukuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngenxa yesihe sikaJesu Khristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngoba uNkulunkulu ungumfakazi wami wokuthi ngililangazelela kangakanani lonke ngenhliziyo kaJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngoba uNkulunkulu ungumfakazi wami wokuthi ngililangazelela kangakanani lonke ngenhliziyo kaJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 1:8
24 Referans Kwoze  

Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa.


Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonza emoyeni wami ngevangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami wokuthi ngokungaphezi ngiyanikhumbula


ngilangazelela ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo,


Ngokunjalo lokhu besinilangazelele, sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nokuphila kwethu uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithina.


Ngikhuluma iqiniso ngikuKristu, angiqambi amanga, unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele


engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami,


U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye, ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.


Ngokuba ngiyathanda ukuba nazi ukuthi kukhulu kangakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu nabaseLawodikeya nabo bonke abangabonanga ubuso bami ngamehlo,


bantwana bami, enginemihelo futhi ngani, uKristu aze abunjwe phakathi kini;


Kulokhu-ke enginilobela khona bhekani, phambi kukaNkulunkulu, angiqambi amanga.


Yebo, isihe sakhe sivamile kakhulu ngakini, lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke ukuthi namamukela ngokwesaba nangokuthuthumela.


aninyinyekile kithi, kodwa ninyinyekile ezinhliziyweni zenu;


ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esizakuhanjelwa ngayo ngukusa kwaphezulu,


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.


Ngalokho inhliziyo yami iyakhala njengehabhu* ngoMowabi, nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.


Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?


Yebo, mzalwane, mangithokoziswe nguwe eNkosini, uyihlumelele inhliziyo yami kuKristu.


Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi; asizange futhi sibe nobuqili bokufisa, uNkulunkulu ungufakazi,


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,


lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula.


Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,


Ngokuba siyajabula, nxa sibuthakathaka thina, nina-ke ninamandla; sikukhulekela nalokhu: ukupheleliswa kwenu.


Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite