Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 1:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 ningethuswa ngalutho ngabamelene nani, okuyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu; lokhu-ke kuvela kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 Maningethuswa ngalutho yilabo abamelene nani, okuyisiboniso kubo sokubhubha kwabo, kodwa nina niyakusindiswa; lokhu impela kuvela kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 ningethuswe ngalutho ngabamelene nani, okuwuphawu lokubhubha kubo, kodwa kinina lwensindiso, nolukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 ningethuswe ngalutho ngabamelene nani, okuwuphawu lokubhubha kubo, kodwa kinina lwensindiso, nolukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 1:28
24 Referans Kwoze  

Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo.


Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.


ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.


Kepha noma sasihlushiwe kuqala saphathwa kabi eFilipi, njengokuba nazi, saba nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu ngokulwa okukhulu.


inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.’ ”


“Yimina, yimi enginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?


“Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.


“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakuzwa.”


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela:


Wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite