Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 1:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Bazalwane, ngithanda ukuba nazi ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine sekuqhubekisela phambili ivangeli.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi okwenzeka kimi kwaphumela ekuqhubekiseleni phambili ivangeli;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi okwenzeka kimi kwaphumela ekuqhubekiseleni phambili ivangeli;

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 1:12
19 Referans Kwoze  

engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.


Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.


Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kusondela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo.


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”


Kuyakunehlela kube ngubufakazi.


ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje;


njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.


Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise.


Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila.


Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa,


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.


kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite