Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KuThithu 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, futhi bakulungele ukwenza yonke imisebenzi emihle;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Bakhumbuze ukuba bathobele izikhulu namandla, balalele izinduna, balungele yonke imisebenzi emihle;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Bakhumbuze ukuba bathobele izikhulu namandla, balalele izinduna, balungele yonke imisebenzi emihle;

Gade chapit la Kopi




KuThithu 3:1
29 Referans Kwoze  

Uma umoya wombusi ukuvukela, ungashiyi indawo yakho, ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.


Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi, ungahlangani nabahlubukayo.


Bathi: “NgokaKesari.” Khona wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”


makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.


Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami.


ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


Nxa ubeka lezo zinto kubazalwane, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKristu Jesu, wondliwa ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osilandeleyo;


amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Ningabalaleli; khonzani inkosi yaseBabele nize niphile; ubuyakuchithelwani lo muzi na?


Umuntu oziqhenya ngokungalaleli umpristi omiyo ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu makafe, wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.


Ngakho-ke ngiyakuba yilokhu nginikhumbuza njalo ngalezo zinto, nakuba nizazi, nime niqinile eqinisweni elikhona.


Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;


nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.


Ngikhumbuze, masahlulelane; yisho wena ukuba ulungisiwe.


Kepha ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke, ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga,


Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo.


Bakhumbuze ngalokho, ufakaze phambi kukaNkulunkulu ukuba bangalwi ngamazwi, okungasizi lutho, okuyincithakalo kwabezwayo.


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite