Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KuThithu 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle, nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Zibonakalise kukho konke lokhu uyisibonelo semisebenzi emihle, ubonise ubuqotho ekufundiseni nesizotha,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 ezintweni zonke uzibonakalise uyisiboniso semisebenzi emihle: esifundiseni ukhombisa ukungonakali, ukulunga, ubuqotho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ezintweni zonke uzibonakalise uyisiboniso semisebenzi emihle: esifundiseni ukhombisa ukungonakali, ukulunga, ubuqotho,

Gade chapit la Kopi




KuThithu 2:7
12 Referans Kwoze  

kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi;


Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.


ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube lusuku lukaKristu,


kodwa sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kepha ngokuveza obala iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


kungengokuba singenalo ilungelo, kodwa ukuze sizinikele sibe yisibonelo kini sokuba nisilingise.


Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngokunganqamukiyo.


Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu.


Angikusho njengomyalo, kodwa ukuze ngokukhuthala kwabanye ngivivinye ubuqotho bothando lwenu;


ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.


Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite