Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KuThithu 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 obambelele ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso, aze abe nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 obambelele ezwini elithembekileyo ngokwemfundiso, okwaziyo ukugqugquzela abanye ngemfundiso elungileyo nokudalula abaphikisana nayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 ebambelele ezwini elithembekileyo njengalokho efundisiwe, ukuze abe-namandla okuyala ngesifundiso esiphilileyo, nokuqinisekisa abaphikayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 ebambelele ezwini elithembekileyo njengalokho efundisiwe, ukuze abe-namandla okuyala ngesifundiso esiphilileyo, nokuqinisekisa abaphikayo.

Gade chapit la Kopi




KuThithu 1:9
24 Referans Kwoze  

Ngalokho-ke, bazalwane, yimani niqinile, nibambelele kuwo amasiko enawafundiswa noma ngezwi noma ngencwadi yethu.


Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu;


Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, engawalandeli amazwi aphilileyo eNkosi yethu uJesu Kristu nesifundiso esiya ngokumesaba uNkulunkulu,


nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,


ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.


Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni, engingesikhulu kuzo;


Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo


abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,


vivinyani konke, nibambisise okuhle;


Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo, nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.


Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.”


“Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.


kepha lokho eninakho, kubambisiseni ngize ngifike.


Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye.


ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso,


lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.


Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa,


unokukholwa nonembeza omuhle, okuthe abanye bekulahlile, bafelwa umkhumbi wokukholwa,


ngokuba waphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.


Ngibambelela ekulungeni kwami, angikuyeki; inhliziyo yami ayisoli nowodwa wemihla yami.


Kepha uma bonke beprofetha, kungene ongakholwayo noma ongafundile, uzakuhlatshwa yibo bonke, ahlulelwe yibo bonke;


Kepha wena yima kulokho okufundile nowaqiniseka kukho, wazi ukuthi ukufunde kobani,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite