Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 9:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Njalo-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe ngalokho, kepha okusezulwini uqobo lwakho kuhlanzwe ngeminikelo emihle kunalena.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Ngakho-ke kudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe kanjalo, kodwa okusezulwini kufanele kuhlanzwe ngeminikelo engcono kunalena.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Ngakho-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yezinto ezisezulwini ihlanzwe ngalokho; kodwa okusezulwini ngokwako kunemihlatshelo engcono kunale.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngakho-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yezinto ezisezulwini ihlanzwe ngalokho; kodwa okusezulwini ngokwako kunemihlatshelo engcono kunale.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 9:23
14 Referans Kwoze  

ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.


kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,


bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu.


Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu,


UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?”


Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;


Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.


Manje-ke nina kanye nomphakathi yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nizakuhlolisisa indaba yakhe; thina-ke silungele ukumbulala engakasondeli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite