Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 9:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 ababemi kuphela ekudleni lekuphuzweni, lokugezisa izinhlobonhlobo, lezimiso zenyama, ababekwe phezu kwabo kuze kufike isikhathi sokuguqulwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 ababemi kuphela ekudleni lekuphuzweni, lokugezisa izinhlobonhlobo, lezimiso zenyama, ababekwe phezu kwabo kuze kufike isikhathi sokuguqulwa.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 9:10
32 Referans Kwoze  

Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,


ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula,


ongamiswanga ngomthetho womyalo wenyama kodwa ngamandla okuphila okungabhubhiyo.


Ngase ngithi: “O Nkosi Jehova, bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo, nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.”


kepha ngakusihlwa uyakugeza ngamanzi, nanxa selishonile ilanga, uyakungena ekamu.


Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi endaweni engcwele, agqoke izambatho zakhe, aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana.


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;


Kepha nesivumelwano sokuqala kambe sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasezweni.


banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo,


Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo.


onke amalunga alowo muzi oseduze nobuleweyo ayakuhlamba izandla zawo phezu kwesithokazi esaphulelwe intamo esigodini,


embathe ibhantshi elingcwele lelineni, abe nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande* lelineni, afake isigqoko selineni; lezi ziyizambatho ezingcwele; uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, azembathe.


“Ulethe u-Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.


Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.


nesifundiso sombhapathizo nokubeka izandla, nokuvuka kwabafileyo nokwahlulelwa okuphakade.


kuze kube yihlelo lokuphelela kwezikhathi lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni;


kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?


nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi –


umuntu othinta okunjalo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, uma engagezi umzimba wakhe ngamanzi.


usondeze u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.


uyakuzahlukanisa newayini nophuzo olunamandla, angaphuzi uviniga wewayini, noviniga wophuzo olunamandla, angaphuzi okwezithelo zomvini, futhi angadli izithelo zomvini ezimanzi nezomileyo.


Ngokuba uma ubupristi buguquliwe, kuyadingeka ukuba kuguqulwe nomthetho.


Ingubo noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo noma intoni yesikhumba oyakuyihlanza, uma ibala lisuka kukho, kohlanzwa ngokwesibili, kuhlambuluke.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite