Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 8:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengalokhu wayalwa uMose esezakuqeda ukwenza ithabanakeli, kwathiwa: “Uyokwenza konke ngesifanekiso salokho owakuboniswa entabeni.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 abakhonza isibonelo nethunzi lezinto zasezulwini, njengalokho uMose eyalwa nguNkulunkulu esezakwenza itabernakele, ngokuba wathi: “Bheka ukuba wenze zonke izinto ngokomfanekiso owaboniswa wona entabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 abakhonza isibonelo nethunzi lezinto zasezulwini, njengalokho uMose eyalwa nguNkulunkulu esezakwenza itabernakele, ngokuba wathi: “Bheka ukuba wenze zonke izinto ngokomfanekiso owaboniswa wona entabeni.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 8:5
18 Referans Kwoze  

Bhekisisa ukuba uzenze ngesifanekiso sazo owaboniswa sona entabeni.


okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu.


Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;


“Wolimisa itabernakele njengesifanekiso salo owaboniswa sona entabeni.


“Konke lokho,” washo uDavide, “ngikuqondisiwe ngokubhalwe ngesandla sikaJehova, yebo, wonke umsebenzi walesi sifanekiso.”


Ulenze ngamapulangwe, libe yigobongo, ulenze njengalokho waboniswa entabeni.


nesifanekiso sakho konke ayenakho emicabangweni yakhe ngamagceke endlu kaJehova, nangamakamelo nxazonke, nangengcebo yendlu kaNkulunkulu, nangengcebo yezinto ezingcwele;


elona lingumfanekiso kulesi sikhathi samanje, okulethwa ngawo iminikelo nemihlatshelo engenakumenza okhonzayo aphelele maqondana nonembeza,


Nanku umsebenzi wothi lwezibani, umsebenzi wegolide elikhandiweyo: kuze kube sesinqeni salo nasezimbalini zalo kwakungumsebenzi okhandiweyo; njengesifanekiso uJehova asibonise uMose, wenze njalo uthi lwezibani.


Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,


Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


“Kwakukhona itende lobufakazi kobaba ehlane njengalokho akuyalayo yena owakhuluma noMose ukuba alenze ngomfanekiso abewubonile;


Njengakho konke engikutshengisa khona njengesifanekiso setabernakele* nangesifanekiso sempahla yonke yalo, anoyenza njalo-ke.


Kwathi ziyaliwe nguNkulunkulu ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode, zabuyela ezweni lakubo ngenye indlela.


Sine-altare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele*.


Emva kwalokho ngabona, kwase kuvulwa ithempeli letabernakele* lobufakazi ezulwini,


“Sathi-ke: ‘Kuyakuthi lapho besho kanjalo kithi nakuzo izizukulwane zethu ngesikhathi esizayo, sisho ukuthi: “Bhekani isifanekiso se-altare likaJehova abalenzayo obaba, lingabi ngeleminikelo yokushiswa nelemihlatshelo; lingufakazi phakathi kwethu nani.” ’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite