Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 8:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Uma ethi: “Esisha,” kusho ukuthi esokuqala sesiphelelwe yisikhathi, ngakho-ke osekuphelelwe yisikhathi, futhi sekukudala, sekuseduze ukuba kushabalale.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngokuthi: Isivumelwano esitsha, usenze esokuqala siguge. Manje lokho okubolayo nokugugayo sekulungele ukunyamalala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuthi: Isivumelwano esitsha, usenze esokuqala siguge. Manje lokho okubolayo nokugugayo sekulungele ukunyamalala.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 8:13
15 Referans Kwoze  

Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.


Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.


Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka.


Phakamiselani amehlo enu ezulwini, niwubheke umhlaba phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane, kepha insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyikuphela.


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.


oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esisha, singesiso esegama kodwa esikaMoya; ngokuba igama liyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.


Wona ayakubhubha, kepha wena umi njalo; wona onke ayakuguga njengengubo.


Ngokungakho-ke uJesu waba yisiboniso sesivumelwano esingcono.


kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.


Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo: “Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli, nendlu kaJuda,


nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite