Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 7:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Ngokuba umthetho umisa abantu babe ngabapristi abakhulu abanobuthakathaka, kepha izwi lesifungo elalandela umthetho limisa iNdodana epheleliswe kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 Ngokuba umthetho ubeka abantu abanobuthakathaka ngokwemvelo ukuba babe ngabaphristi abakhulu, kodwa izwi lesifungo elalandela umthetho libeka iNdodana ephelelisiwe, kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Ngokuba umthetho umisa abantu abanobuthakathaka babe ngabapristi abakhulu; kepha izwi lesifungo, elalandela umthetho, limisa iNdodana engcwele kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngokuba umthetho umisa abantu abanobuthakathaka babe ngabapristi abakhulu; kepha izwi lesifungo, elalandela umthetho, limisa iNdodana engcwele kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 7:28
17 Referans Kwoze  

Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo.


kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owasho kuye ukuthi: “INkosi yafunga, ayiyikuzisola, yathi: ‘Wena ungumpristi kuze kube phakade.’ ”


ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.


Wathi kubo: “Hambani nithi kuleyo mpungushe: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’


UJehova ufungile engayikuguquka, wathi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngendlela kaMelkisedeki.”


kepha yena, ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka;


engenayise, engenanina, engenaluzalo, engenakuqala kwezinsuku nakuphela kokuphila, kepha efaniswe neNdodana kaNkulunkulu, uhlala engumpristi njalonjalo.


Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu, kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye, wathi: “UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele,”


kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.


Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.


uma kungumpristi ogcotshiweyo owone kanjalo, aze ehlisele abantu icala, wonikela kuJehova ngesono sakhe one ngaso iduna elingenasici, kube ngumnikelo wesono,


Ngakho-ke lokhu sinomPristi omkhulu kakhulu odabulile amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu.


Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite