Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 7:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 ongamiswanga ngomthetho womyalo wenyama kodwa ngamandla okuphila okungabhubhiyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 ongamiswanga ngokomthetho womyalo wabantu, kodwa ngamandla okuphila okungabhubhiyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 ongenziwanga ngokomthetho womyalo wenyama, kodwa ngokwamandla okuphila okungenasiphelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ongenziwanga ngokomthetho womyalo wenyama, kodwa ngokwamandla okuphila okungenasiphelo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 7:16
15 Referans Kwoze  

Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi:


nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.


Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;


Ngokuba umthetho umisa abantu babe ngabapristi abakhulu abanobuthakathaka, kepha izwi lesifungo elalandela umthetho limisa iNdodana epheleliswe kuze kube phakade.


engenayise, engenanina, engenaluzalo, engenakuqala kwezinsuku nakuphela kokuphila, kepha efaniswe neNdodana kaNkulunkulu, uhlala engumpristi njalonjalo.


esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni;


kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?


Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe;


kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owasho kuye ukuthi: “INkosi yafunga, ayiyikuzisola, yathi: ‘Wena ungumpristi kuze kube phakade.’ ”


Ngokuba kufakazwa ngaye ukuthi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.”


Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya; kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono.


Ikakhulu kusobala lokho, uma kumiswa omunye umpristi ofana noMelkisedeki,


kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite