Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 6:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 kepha uma uveza ameva nekhakhasi, uyaleka, useduze nokuqalekiswa, ukuphela kwawo ngukushiswa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kepha uma uveza ameva namakhakhasi, awunamsebenzi walutho, futhi kusele kancane ukuba uqalekiswe, ngokuba isiphetho sawo ngukushiswa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kepha uma uthela ameva namakhakhasi, uyaliwa, useduze nokuqalekiswa; okuphela kwawo kungukushiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha uma uthela ameva namakhakhasi, uyaliwa, useduze nokuqalekiswa; okuphela kwawo kungukushiswa.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 6:8
26 Referans Kwoze  

Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.


uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.’


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


Ngokuba niyazi ukuthi, nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka, noma ekufunisisa ngezinyembezi.


kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”


UJesu wakhuluma, wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa.


Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.


Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.


“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.


uthi kulo ihlathi laseningizimu: ‘Yizwa izwi likaJehova elithi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuphemba umlilo kuwe, udle yonke imithi eluhlaza kuwe nayo yonke imithi eyomileyo, ilangabi elivuthayo lingacimeki, kuhwamuke ngalo bonke ubuso kusukela eningizimu kuye enyakatho.


Uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane, angaboni ukuthi kuyeza okuhle, uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane, ezweni likasawoti elingahlalwa muntu.


nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.


makuhlume ikhakhasi esikhundleni sikakolweni, kuvele ukhula endaweni yebhali.”* Amazwi kaJobe asephelile.


Waqamba igama layo ngokuthi uNowa, ethi: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.”


Usuqalekisiwe emhlabathini ovulile umlomo wawo ukwamukela igazi lomfowenu esandleni sakho.


“Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Kodwa umuntu owathintayo wohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto, aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyo ndawo.”


Ukufutheka akukho kimi; sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva! Bengiyakuwasukela ngokulwa, ngiwashise kanyekanye,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite