Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 5:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 5:7
38 Referans Kwoze  

UJesu wakhuluma lokho; wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana ikukhazimulise wena,


Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”


Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”


Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela,


UJesu wakhala izinyembezi.


UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.


UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa.


Ngokuba akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.


Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane,


UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.


Ngisindise, Nkulunkulu, ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.


Ngokuhlupheka komphefumulo wayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.


Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,


Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa, ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu sokubuyisa izwe nokubenza badle amafa achithekileyo,


awulethe kumadodana ka-Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova;


Ngokuba abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu.


lowo moya ongamvumi uJesu akasiye okaNkulunkulu; lowo ungowomphikukristu enizwe ngaye ukuthi uyeza, nakalokhu usefikile ezweni.


kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,


Bengazi mina ukuthi ungizwa njalo, kodwa ngenxa yesixuku esingiphahlileyo ngishilo lokho, ukuze bakholwe ukuthi nguwena ongithumileyo.”


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Jehova Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Ngalokho-ke esefika ezweni uthi: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba.


Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.


Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite