Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 5:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngokuba noma benifanele ukuba nibe ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Lokhu benifanele ukuba nibe ngabafundisi, ukuba kuya ngesikhathi eninaso, niyadinga ukuba kube khona ozakunicathulisa, anifundise iziqalo zemfundiso yezwi likaNkulunkulu; nisadinga ubisi, hhayi ukudla okuqinileyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngokuba nakuba benifanele ukuba ngabafundisi, kuze kube manje, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zamazwi kaNkulunkulu; seniba njengabadinga ubisi, hhayi okokudla okuqinileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba nakuba benifanele ukuba ngabafundisi, kuze kube manje, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zamazwi kaNkulunkulu; seniba njengabadinga ubisi, hhayi okokudla okuqinileyo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 5:12
23 Referans Kwoze  

Ngakho-ke masidlule esifundisweni sokuqala ngoKristu, siqhubekele kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu,


njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa,


Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane.


Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.


UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”


“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali, yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.


ngokuba u-Ezra wayebhekise inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.


Isiluleko sika-Ahithofeli aluleka ngaso ngalezo zinsuku sasinjengokungathi bekubuzwe kuNkulunkulu; zazinjalo iziluleko zika-Ahithofeli kuDavide naku-Abisalomu.


uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


kodwa ebandleni ngingathanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise abanye, kunamazwi ayizinkulungwane eziyishumi ngezilimi.


Kukhulu ngezindlela zonke. Kuqala ngokuba baphathisiwe amazwi kaNkulunkulu.


Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona.


Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”


Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.


Ngalokho izwi likaJehova liyakuba kubona isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, umthetho phezu komthetho, umthetho phezu komthetho, lapha ingcosana, nalapho ingcosana, ukuze bahambe, bawe nyovane, baphuke, bacushwe, babanjwe.


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo.


Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe;


Sinokuningi esingakusho ngalokho, okulukhuni ukuchasisela, lokhu senaba buthuntu ekuzweni.


Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite