Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu okhethwa kubantu, umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngokuba wonke umpristi omkhulu othathwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngokuba wonke umpristi omkhulu othathwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 5:1
17 Referans Kwoze  

Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela.


Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono;


Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.


elona lingumfanekiso kulesi sikhathi samanje, okulethwa ngawo iminikelo nemihlatshelo engenakumenza okhonzayo aphelele maqondana nonembeza,


ongadingi imihla ngemihla njengalabo bapristi abakhulu ukunikela ngemihlatshelo ngenxa yezakhe izono kuqala nangasemuva ngenxa yezabantu; ngokuba wenza lokho kanye mhla ezinikela yena.


Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


UMose wathi ku-Aroni: “Sondela e-altare, unikele ngomnikelo wakho wesono nangomnikelo wakho wokushiswa, uzenzele wena nabantu ukubuyisana, andukuba unikele ngomnikelo wabantu, ubenzele ukubuyisana, njengalokho uJehova eyalile.”


“Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,


Ngalokho nginokuzibonga kuKristu Jesu maqondana nokukaNkulunkulu,


Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,


Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho,


kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite