Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile, wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngokuba ukuba uJoshuwa wayebafikisile endaweni yokuphumula, wayengayukuphinda akhulume ngolunye usuku.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 4:8
13 Referans Kwoze  

uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, nilidle.”


Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo; ngalokho buyani, niye ematendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.


ngokuba anikafiki ekuphumuleni nasefeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Kwathi emva kwezinsuku eziningi, lapho uJehova esephumuzile u-Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi,


obaba benoJoshuwa balamukela, balingenisa ezweni lezizwe azixoshayo uNkulunkulu ebusweni bawobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide


Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


Wabapha amazwe abezizwe, badla isithelo somsebenzi wabantu


Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho nxazonke ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wesule inkumbulo ka-Amaleki phansi kwezulu; awuyikukhohlwa lokho.


Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.


UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,


Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.


noNuni indodana yakhe, noJoshuwa indodana yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite