Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 4:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Uyanquma futhi usuku okuthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka, njengalokhu kwashiwo ngaphambilini ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ubuye amise usuku oluthile, ethi ngoDavide: Namuhla, emva kwesikhathi esingaka; njengoba kuthiwa: Lamuhla uba lizwa ilizwi lakhe, lingazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ubuye amise usuku oluthile, ethi ngoDavide: Namuhla, emva kwesikhathi esingaka; njengoba kuthiwa: Lamuhla uba lizwa ilizwi lakhe, lingazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 4:7
12 Referans Kwoze  

Ngokuba yena unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe. Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,


Uma kuthiwa: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni,”


Wathi kubo: “Pho, uDavide ngoMoya wambiza kanjani ngokuthi iNkosi, ethi:


kwathi ukuba bangezwani bodwa, bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: “Wakhuluma kahle uMoya oNgcwele ngo-Isaya umprofethi koyihlo


ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese,* nenyama yakhe ayibonanga ukubola.


lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami,


UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’


Kwathi ngomnyaka wamakhulu amane namashumi ayisishiyagalombili emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngomnyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaJehova.


“Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite