Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 4:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona, lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ngokuba impela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo, kodwa izwi abalizwayo alizange libasize bona, lokhu bengalemukelanga ngokukholwa lapho belizwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Ngokuba ivangeli lashunyayelwa nakithi njengabo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba ivangeli lashunyayelwa nakithi njengabo;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 4:2
20 Referans Kwoze  

Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.


kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.


Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;


Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.


Ngokuba ukusoka kuyasiza kambe, uma ugcina umthetho; kepha uma ungumeqi womthetho, ukusoka kwakho kuphenduka ukungasoki.


Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekudingeka ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala; kepha lokhu nilinqaba, nizisho nina nithi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani, sesiphendukela kwabezizwe.


Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.


Ngakho-ke lokhu kusasele ukuba abanye bangene kukho, nalabo abashunyayezwa kuqala ivangeli bengangenanga ngokungalaleli,


Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.


abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.


ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu.


Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: “Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.”


kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala,


UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”


“Noma kunjalo, anikholwanga nokho nguJehova uNkulunkulu wenu


Kunjani pho? Uma abanye bengakholwanga, ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholeka kukaNkulunkulu na?


Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite