Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekuhlubukeni ngosuku lokulingwa ehlane,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 3:8
28 Referans Kwoze  

Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.


Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa* neMeriba* ngenxa yokuphikisana kwabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova, bethi: “Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha?”


Kepha lapho inhliziyo yakhe yaziphakamisa, nomoya wakhe waba lukhuni waze wazidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


Nokho abangilalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo; benza kabi kunawoyise.’


Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke, abaze bagcina imiyalo yakhe.


Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla abakufisayo.


ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni, bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.’


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,


Esebona uFaro ukuthi kuyiphefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.


Wayihlubuka inkosi uNebukadinesari eyayimfungisile uJehova, wenza lukhuni intamo yakhe, wenza lukhuni nenhliziyo yakhe ukuba ingaphendukeli kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


“Aniyikumlinga uJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho namlinga eMasa.


Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.


Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli, bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu.


“Kepha bona nawoyise baqholosha, benza lukhuni izintamo zabo, kabalalelanga imiyalo yakho,


Nenzeleni zibe lukhuni izinhliziyo zenu, njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebenzile phakathi kwabo, ababavumelanga yini ukuba bahambe na?


UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: “Koze kube nini laba bantu bengidelela na? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso zonke engizenzile phakathi kwabo na?


Ningabi ntamo elukhuni njengawoyihlo, kepha nimnike uJehova isandla senu, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kini.


Kepha abalalelanga; benza lukhuni intamo yabo njengentamo yawoyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo.


ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeriba, njengasosukwini lwaseMasa ehlane,


Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite