Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 3:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UMose wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, ukuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 UMose nempela wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kube ngubufakazi balokho okwakuzakhulunywa;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UMose nempela wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kube ngubufakazi balokho okwakuzakhulunywa;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 3:5
35 Referans Kwoze  

Inceku yami uMose akanjalo; uthembekile endlini yami yonke;


owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke.


U-Israyeli wabona umsebenzi omkhulu uJehova awenzile phezu kwabaseGibithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.


Wathuma uMose inceku yakhe, u-Aroni abemkhethile.


Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”


Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni,


“UMose inceku yami ufile; ngalokho suka uwele leli Jordani, wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.


Wayesefela khona ezweni lakwaMowabi uMose inceku kaJehova njengezwi likaJehova.


Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,


Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi,


Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”


Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.


njengalokho uMose inceku kaJehova wayala abantwana bakwa-Israyeli, njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose, i-altare lamatshe angabaziwe, angaphakanyiselwanga muntu insimbi; banikela phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa kuJehova, banikela ngeminikelo yokuthula.


Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile.


“Nguye uMose lowo owathi kubantwana bakwa-Israyeli: ‘UNkulunkulu uyakunivusela umprofethi kubafowenu onjengami.’


Yayisithi iNkosi: “Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?


“Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’


“Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na?


Bonke abakwa-Israyeli namalunga abo, nezinduna zabo, nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongolo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu, inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile, ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.


uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, nilidle.”


Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


‘Nkosi Jehova, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza njengemisebenzi yakho nanjengezenzo zakho zamandla na?


wabazisa isabatha lakho elingcwele, wabayala ngemiyalo, nangezimiso, nangomthetho ngesandla sikaMose inceku yakho;


Wenze njalo uMose; njengakho konke uJehova amyale ngakho, wenze njalo-ke.


UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,


Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.


Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite