Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 2:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kepha siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi isikhashana, esethweswe manje umqhele wenkazimulo nodumo, ngenxa yokuba wahlupheka waze wafa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 2:9
39 Referans Kwoze  

Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.


Ngalokho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga kwaba khona ukulungisiswa kukho ukuphila kubantu bonke;


ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.


Ngalokho-ke esefika ezweni uthi: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba.


kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.


Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.”


ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.


Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”


enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.


Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela.


owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso,


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?


kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,


UNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula;


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


Ngalokho uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe.


Bathi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni; u-Abrahama wafa, nabaprofethi; wena-ke uthi: ‘Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akuzwa ukufa naphakade.’


Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”


Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela;


Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.”


Kepha nginitshela ngesiminya ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu.”


Wayesethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu ufikile ngamandla.”


“Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi;


Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa naphakade.”


Uthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabafowenu,”


Ngokukholwa u-Enoke wathathwa, ukuze angaboni ukufa, akabe esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthabathile. Ngokuba engakathathwa ufakazelwe ukuthi wayethokozisa uNkulunkulu;


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite