Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 2:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba ekubekeni izinto zonke phansi kwakhe kashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kepha kalokhu asikaziboni izinto zonke zibekiwe phansi kwakhe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Lapho ebeka konke phansi kwezinyawo zakhe, kashiyanga lutho okungabekwanga phansi kwakhe. Kepha manje asikaziboni izinto zonke zibekwe phansi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Zonke izinto wazibeka phansi kwezinyawo zakhe. Ngokuba ekubekeni konke phansi kwakhe, akashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kodwa kalokhu asikaboni zonke izinto zibe ngaphansi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Zonke izinto wazibeka phansi kwezinyawo zakhe. Ngokuba ekubekeni konke phansi kwakhe, akashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kodwa kalokhu asikaboni zonke izinto zibe ngaphansi kwakhe.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 2:8
19 Referans Kwoze  

uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu,


Ngokuba izinto zonke uzithobisele phansi kwezinyawo zakhe. Kepha nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe,” kusobala ukuthi ungaphandle kwazo yena ozithobisele phansi kwakhe.


Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho; konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:


okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.


Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.


nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.


Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho,” na?


nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe


Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo.


UYise uyayithanda iNdodana, wanikela konke esandleni sayo.


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;


“Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.”


ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite