Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 2:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Njengalokhu Yena uqobo wahlupheka elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Ngokuba kulokhu wahlupheka yena elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngokuba kulokhu wahlupheka yena elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 2:18
16 Referans Kwoze  

Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.


Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu,


angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka;


Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni.


iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,


ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.


UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.


Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”


oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.


Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite