Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 13:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 13:6
29 Referans Kwoze  

ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Usizo lwethu lusegameni likaJehova owenzile izulu nomhlaba.


Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba; inyama ingangenzani na?


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami; iNkosi ikubo abaphasa umphefumulo wami.


Umphefumulo wethu ulindela uJehova; ungukusiza kwethu nesihlangu sethu.


Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.


Uma uJehova ebengesilo usizo lwami, umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.


Noma ngihlupheka, ngimpofu, iNkosi iyanginaka; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


okungaye sinesibindi ukungena ngokwethemba, ngokukholwa nguye.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; mina ngiyakukusiza,” usho uJehova; uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.


Ungafihli ubuso bakho kimi, ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela; wena ulusizo lwami, ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.


Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.


“Akakho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni, okhwela izulu ukuyokusiza, nomkhathi ngokuphakama kwakhe.


igama lenye lalingu-Eliyezeri, ngokuba wathi: “UNkulunkulu kababa ubelusizo lwami, wangophula enkembeni kaFaro.”


Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu


Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.”


Kwase kufika izwi likaJehova kuye, lathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite