Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 13:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu, futhi bayakuphendula ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula bengakhonondi, ngokuba lokhu akunakunisiza.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Lalelani abaniholayo, nibathobele;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Lalelani abaniholayo, nibathobele;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 13:17
34 Referans Kwoze  

Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.


Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.


Kepha uma ningalaleli, umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala, limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.


ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka.


Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela,


UMose wabuyela kuJehova, wathi: “Hawu, laba bantu benzile isono esikhulu, bazenzele onkulunkulu ngegolide.


Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa,


Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.


Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni;


Khonzani kubo bonke abaniholayo nakubo bonke abangcwele. Abase-Italiya bayakhonza kini.


Ngimisile abalindi phezu kwezingange zakho, Jerusalema; abayikuthula nakanye imini nobusuku; nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli,


Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa.


Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu,


Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela;


ngezikhathi zonke ekunxuseni kwami konke ngani nonke, nginxusa ngokuthokoza,


Wambiza, wathi kuye: ‘Kuyini lokhu engikuzwa ngawe na? Landa ngobuphathi bakho, ngokuba ungebe usaba ngumphathi.’


Angilalelanga izwi labafundisi bami, angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.


Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Hhayi, sifuna ukuba kube khona inkosi phezu kwethu,


Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Buyela kuyo inkosikazi yakho, uzithobise phansi kwesandla sayo.”


nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize.


nithobelane ngokumesaba uKristu.


“Ndodana yomuntu, khuluma kubantwana babantu bakho, uthi kubo: ‘Lapho ngehlisela phezu kwezwe inkemba, abantu bezwe bese bethatha umuntu phakathi kwabo, bambeke umlindi wabo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite