Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 13:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Asinawo lapha umuzi omiyo, kodwa sifuna umuzi ozayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha sifuna ozayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha sifuna ozayo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 13:14
18 Referans Kwoze  

Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu,


kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,


Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa senimbuso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu,


Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade,


Ngisho lokhu kodwa, bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu abanabafazi mababe njengabangenabo, nabakhalayo babe njengabangakhaliyo,


Sukumani nihambe, ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu; ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.


Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke;


Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.


Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo.


Kepha lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele* elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa,


Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.


Lokho kokuthi: “Kusezakuba kanye” kutshengisa ukuguqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime.


Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite