Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 13:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Malume njalo uthando lobuzalwane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Uthando lobuzalwane maluqhubeke njalo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Maluqhubeke uthando lobuzalwane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Maluqhubeke uthando lobuzalwane.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 13:1
30 Referans Kwoze  

Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.


Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,


nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.


Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi.


masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,


Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,


kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono;


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,


Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.


“Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;


Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo.


Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.


Nginiyala ngalezo zinto, ukuze nithandane.


nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.


nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula;


Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.


Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye.


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite