Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 12:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Futhi-ke sasinobaba bethu begazi ababesiyala, futhi sibahlonipha. Pho singemthobele ngani kakhulu uYise wawomoya kunobaba, siphile na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Futhi sinabobaba benyama yethu abasilayayo, sabahlonipha; kasiyikuzithoba kakhulu kuYise wawomoya, siphile, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Futhi sinabobaba benyama yethu abasilayayo, sabahlonipha; kasiyikuzithoba kakhulu kuYise wawomoya, siphile, na?

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 12:9
28 Referans Kwoze  

Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”


“UJehova uNkulunkulu wemimoya yenyama yonke makamise umuntu phezu kwenhlangano,


Usho kanje uNkulunkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula nomoya kwabahamba kuwo, uthi:


Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.


Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo, nomoya wenyama yabantu bonke.


Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:


“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Nkosi, abantu baphila ngalokho, nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele; ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise.


Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,


Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela;


Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade, angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami, leyo miphefumulo engiyenzileyo.


“ ‘Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


abangababo okhokho avela kubo uKristu ngokwenyama, yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni, lidliwe ngamazinyane okhozi.


“ ‘Makaqalekiswe odelela uyise noma unina.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.


Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.


“Indodana idumisa uyise, nenceku inkosi yayo; uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami?” usho uJehova Sebawoti, “kinina bapristi enilidelela igama lami.” Nokho nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”


Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi.


Ngokuba ngingafisa ukuba mina uqobo ngibe ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokwenyama;


mayelana neNdodana yakhe eyavela enzalweni kaDavide ngokwenyama,


Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi,


Wathi: “Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu.


“Kwaba yisikhathi engavumi; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe: ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu,


Yayisithi kimi: “Lawo mazwi athembekile, aqinisile, neNkosi uNkulunkulu wemimoya yabaprofethi iyithumile ingelosi yayo ukuzikhombisa izinceku zayo okuzakwenzeka masinyane.”


Wo kuye osho kuyise ukuthi: ‘Uzalani na?’ nakowesifazane ukuthi: ‘Unemihelo ngani na?’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite