Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 12:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi: “Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, uphele amandla, nxa usolwa yiyo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Senikhohliwe yini ukugqugquzela aniyala ngakho nina eningabantwana, ethi: “Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kweNkosi, ungadangali nxa Yona ikusola;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Senikhohliwe isiyalezo esikhuluma kini njengakubantwana sokuthi: Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, ungaphelelwa amandla, lapho usolwa yiyo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Senikhohliwe isiyalezo esikhuluma kini njengakubantwana sokuthi: Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, ungaphelelwa amandla, lapho usolwa yiyo;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 12:5
33 Referans Kwoze  

“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe.


Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo, omfundisayo ngomthetho wakho,


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


Umphefumulo wami usesandleni sami njalo; nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.


“Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela, ethi: ‘Ungishayile, ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka; ngibuyise ukuba ngibuye, ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.


Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile nokuthi wangilaya ngokuthembeka.


UJehova wangilaya nokungilaya, kodwa akanginikelanga ekufeni.


Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na?


Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,


Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;


Nginjengemvaba emsini; izimiso zakho angizikhohlwa.


Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.


“Ngokuba ukhona oke wathi kuNkulunkulu: ‘Ngithweswe icala noma ngingonanga, na?


Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile,


Bawakhumbula-ke amazwi akhe.


Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.


Ukhononelani umuntu ophilayo, umuntu ojeziswa ngezono zakhe, na?


Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.


abakubona oHimenewu no-Aleksandru engibanikele kuSathane, ukuze balaywe ukuba bangahlambalazi.


Ngiyaniyala, bazalwane, lamukeleni kahle izwi lokuyala, ngokuba nginilobele ngokufushane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite