Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 12:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela,”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Futhi umbono wawumubi kangangokuthi uMose wathi: “Ngiyesaba kakhulu futhi ngiyathuthumela.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Futhi umbono wawumubi kangangokuthi uMose wathi: “Ngiyesaba kakhulu futhi ngiyathuthumela.”

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 12:21
9 Referans Kwoze  

Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu* bathuthumela.


Ngokuba ngangesaba intukuthelo nolaka uJehova anithukuthelela ngakho ukuba anibhubhise, kepha uJehova wangizwa nangaleso sikhathi.


Kwathi izwi lecilongo lalilokhu lizwakala kakhulu kunakuqala; uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu.


Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,


Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe, ngiyesaba izahlulelo zakho.


Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na? Ngokuba mina, khona lapho akusalanga mandla kimi, nokuphefumula bekungasekho kimi.”


Ngashiywa ngedwa; ngawubona lombono omkhulu, akusalanga mandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.


kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite