Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 12:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Ngokuba anizanga entabeni ethintekayo nevutha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Ngokuba anizanga entabeni ethintwa, eshiswa umlilo, nobumnyama, nobumnyama, nesiphepho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngokuba anizanga entabeni ethintwa, eshiswa umlilo, nobumnyama, nobumnyama, nesiphepho,

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 12:18
11 Referans Kwoze  

Nase nisondela, nema phansi kwentaba; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.


Ukubonakala kwenkazimulo kaJehova kwakunjengomlilo oqedayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli.


Bonke abantu babona ukuduma nokunyazima kombani, nezwi lecilongo, nentaba ithunqa; kwathi abantu sebebonile, bathuthumela, bema kude.


Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.


Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo, ikakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu.


ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.


Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”


Mina ngema phakathi kukaJehova nani ngaleso sikhathi ukunazisa izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anakhuphukela entabeni. Wathi:


Kepha uma inkonzo yokufa, enamagama aqoshiwe ematsheni, yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite