Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 11:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ngisezakuthini futhi na? Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 Ngingabuye ngithini ngokukholwa na? Ngingaphelelwa yisikhathi uma ngingaqhubeka ngilande ngoGideyoni, uBharaki, uSamsoni, uJeftha; ngoDavide noSamuweli nangabaphrofethi,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Ngisezakuthini futhi? ngoba isikhathi singaphela ngilandisa ngoGidiyoni, loBharaki, loSamsoni, loJefitha; ekaDavide, noSamuweli, neyabaprofethi;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngisezakuthini futhi? ngoba isikhathi singaphela ngilandisa ngoGidiyoni, loBharaki, loSamsoni, loJefitha; ekaDavide, noSamuweli, neyabaprofethi;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 11:32
38 Referans Kwoze  

UJehova wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nini na? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


Kwathi sesiphelele isikhathi, uHana wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuJehova.”


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.


ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi;”


Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u-Abrahama, ukhokho wethu, ngokwenyama na?


Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? Imbala uNkulunkulu ungongalungile yini owehlisa ulaka na? Ngikhulumisa okomuntu.


kwadlula kungathi iminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu. Emva kwalokho wabanika abahluleli kwaze kwaba nguSamuweli umprofethi.


Ngaye bonke abaprofethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelelwa kwezono.”


“Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, bamemezela lezo zinsuku.


UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.


ukuze nikhumbule amazwi ashunyayelwa phambili yibo abaprofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi owashunyayelwa ngabaphostoli benu,


Bazalwane, misani abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.


Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na?


“Kepha wathi kuso: ‘Uma bengalaleli uMose nabaprofethi, kabayikuvunyiswa, noma kuvuka umuntu kwabafileyo.’ ”


“Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.


Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.


OMose no-Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe; uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe. Bakhuleka kuJehova, yena waphendula.


USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni.


U-Elkana waya eRama endlini yakhe. Umntwana wakhonza uJehova phambi kuka-Eli umpristi.


Owesifazane wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni; umntwana wakhula, uJehova wambusisa.


Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwe-oki* lase-Ofira likaJowashi umAbiyezeri; indodana yakhe uGideyoni yayibhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuba amthukusele abakwaMidiyani.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, esefile u-Ehudi.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni sakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.


UJehova wambheka, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, umsindise u-Israyeli esandleni sakwaMidiyani; angikuthumanga na?”


Wahlulela u-Israyeli ngezinsuku zamaFilisti iminyaka engamashumi amabili.


“Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe, kepha abakhubekayo babhinciswa amandla.


UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite