Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 11:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 kepha manje balangazelela elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kepha manje balangazelela lelo elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngakho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngoNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 11:16
26 Referans Kwoze  

Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.


ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.


Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu,


Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.


Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu,


“Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,


Ngokuba abasho kanjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe lakubo.


INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.”


Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”


UNkulunkulu wathi futhi kuMose: “Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini.’ Yileli eliyigama lami kuze kube phakade, lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.


‘NginguNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa.


“Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.


Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho.


Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa anifundanga yini encwadini kaMose ngesihlahla ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na?


“Ngaleso sikhathi,” usho uJehova, “ngiyakuba nguNkulunkulu wemindeni yonke yakwa-Israyeli, yona ibe ngabantu bami.”


ukuba bakholwe ukuthi uJehova, uNkulunkulu wawoyise, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ubonakele kuwe.


UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.”


Kepha ukuthi bayavuswa abafileyo, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.


Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.


ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite