Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 10:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngalokho-ke esefika ezweni uthi: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngalokho-ke esezakufika emhlabeni, uthi: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ngakho-ke esefika emhlabeni uthi: Umhlatshelo lomnikelo kawuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngakho-ke esefika emhlabeni uthi: Umhlatshelo lomnikelo kawuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 10:5
26 Referans Kwoze  

“Iyini kimi imihlatshelo yenu eminingi na?” usho uJehova; “ngisuthile ngeminikelo yokushiswa yezinqama nangeyamanoni amathole akhuluphalisiweyo; negazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimpongo angithokozi ngalo.


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;


Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi: “Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”


Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza – emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami – ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.’ ”


Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane,


Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.


kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,


Ngokuba abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu.


Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela.


Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.


Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


wathi kuye: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”


Koze kube nini uhambahamba wena ndodakazi ehlubukayo na? Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda.”


Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”


UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”


ILebanoni alanele ukubaswa, nezilwane zalo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Eseshilo ngasenhla ukuthi: “Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” eyona ilethwa ngokomthetho,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite