Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 10:39 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Kodwa thina asisibo abokuhlehlela emuva ekubhujisweni; kodwa kwabakholwayo kube ngukusindiswa komphefumulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Kodwa thina asisibo abokuhlehlela emuva ekubhujisweni; kodwa kwabakholwayo kube ngukusindiswa komphefumulo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 10:39
28 Referans Kwoze  

Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?


nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.


Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso.


“Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.


kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kulindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.


Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.


ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu


Lapho ngise nabo ezweni, ngabagcina egameni lakho labo ongiphe bona, ngabalonda; akakho kubo owalahleka, kuphela indodana yokulahlwa, ukuba kugcwaliseke umbhalo.


Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”


Khona abesehamba, azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale lapho, ukugcina kwalowo muntu kube kubi kunokwakuqala.”


Inhliziyo yethu ayibuyelanga emuva; izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho,


Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa,


Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.


Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe, nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.


Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.


Nesilo esasikhona, kepha esingasekho, singesesishiyagalombili, sikuwo ayisikhombisa, siya ekubhujisweni.


Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono,


Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.


Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala, labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona, kepha asisekho, kanti sizakuba khona.


kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite