Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 10:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Ngokuba nazwelana nami ekuboshweni kwami, nakwamukela ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ngokwenu ninempahla engcono nemiyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngokuba nazwelana nami ekuboshweni kwami, nakwamukela ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ngokwenu ninempahla engcono nemiyo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 10:34
28 Referans Kwoze  

sibe nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini;


INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami,


Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa,


Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.


engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


Thengisani ngeninakho, niphe abampofu; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu khona.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


kepha manje balangazelela elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.


bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.


ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli


njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.


Ngakho mina siboshwa eNkosini ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


Ngenxa yalokho mina Pawulu ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu nina bezizwe –


Khona induna yenkulungwane yasondela, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelo gama;


Kodwa inye into edingekile; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.”


UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”


engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.


Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”


sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.


Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuzile izwe lonke, yena uqobo alahleke nokuba alimale, na?


Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.


Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.


isikhathi sokufuna nesikhathi sokulahlekelwa, isikhathi sokugcina nesikhathi sokuhlahla;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite