Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 10:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 kokunye ngokuba ngumbukwane ngezinhlamba nangezimbandezeko, kokunye ngokuba ngabahlanganyeli nababephathwa kanjalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 Ngesinye isikhathi nithukwa, nihlukunyezwa, kubukiswa ngani, nangesinye isikhathi nizihlanganisa nalabo ababephila kanjalo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Enxa nje senziwe into ebukelwayo kokubili ngesihlamba nangezinhlupheko; futhi inxenye, naningaba ngabangane abasetshenziswayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Enxa nje senziwe into ebukelwayo kokubili ngesihlamba nangezinhlupheko; futhi inxenye, naningaba ngabangane abasetshenziswayo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 10:33
19 Referans Kwoze  

Ngokuba ngithi kungathi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli sibe ngabokugcina, sibe njengabanqunyelwe ukufa; ngokuba senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu.


Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami.


njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.


abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni;


Ngokuba nina bazalwane naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokho nawo ahlushwa ngabaJuda


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo.


Vuka, Nkulunkulu, uyimele indaba yakho; khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.


Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe.


ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.


Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu


Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.


“ ‘Ake uzwe, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela.


Ngiyakuphonsa okunengakayo phezu kwakho, ngikuhlazise, ngikubeke ube yinto ebukwayo.


ezisola ngalo izitha zakho, Jehova, ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho.


Buyisela kubakhelwane bethu, kuphindwe kasikhombisa esifubeni sabo inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.


Nginjengesimangaliso kwabaningi, kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.


Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile; izithuko zabakuthukayo zingehlele.


Anikamelani nezono nilwa kuze kube segazini;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite