Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 10:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, yimina engiyakubuyisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubahlulela abantu bayo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 Ngokuba siyamazi owathi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubehlulela abantu bayo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, mina ngiyakubuyisela,” isho iNkosi. Futhi futhi: INkosi izakwahlulela abantu bayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, mina ngiyakubuyisela,” isho iNkosi. Futhi futhi: INkosi izakwahlulela abantu bayo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 10:30
18 Referans Kwoze  

ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.


UJehova unguNkulunkulu oshisekelayo nophindiselayo; uJehova uyaphindisela, ugcwele ukufutheka; uJehova uphindisela kwabamelene naye, ugcinela izitha zakhe intukuthelo.


Ubiza izulu ngaphezulu kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:


Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.


Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, ahawukele izinceku zakhe.


ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.


ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, kube kuhle kuwe. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba awuyiphatheli ize inkemba; ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi.


ngimemezele umnyaka womusa kaJehova nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo,


ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba. Uyakwahlulela izwe ngokulunga nezizwe ngobuqotho.


“Ngalokho ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.


“ ‘Nina-ke, zimvu zami, isho iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwahlulela phakathi kwemvu nemvu naphakathi kwezimpongo.


Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami; umnyaka wokuhlenga kwami usufikile.


Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha, wazembesa ukushisekela njengengubo.


Nkulunkulu wempindiselo, Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.


“ ‘Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.


“Ngalokho, nkosi, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi.


UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya, noma kufika nje usuku lwakhe lokufa, noma ehlela empini, abhubhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite