Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 10:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Masinakekelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Asicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Asicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 10:24
29 Referans Kwoze  

Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.


Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.


Malume njalo uthando lobuzalwane.


Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.


Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;


benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane,


Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.


Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.


njengokuba nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okungisiza mina kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.


Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.


Angikusho njengomyalo, kodwa ukuze ngokukhuthala kwabanye ngivivinye ubuqotho bothando lwenu;


Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya.


kungengokuba singenalo ilungelo, kodwa ukuze sizinikele sibe yisibonelo kini sokuba nisilingise.


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,


ngokuba ngiyalwazi uthando lwenu engizincoma ngalo ngani kwabaseMakedoniya, uma ngithi i-Akhaya lase lizilungisele kwanyakenye nokuthi ukushisekela kwenu kuvusile iningi labo.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo;


kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye.


sikhumbula ngokungayeki isenzo senu sokukholwa, nomsebenzi wothando, nokukhuthazela kwethemba lenu eliseNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu,


Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.”


Ubusisiwe onakekela ohluphekayo; uJehova uyakumsindisa osukwini olubi.


Olungileyo uyazi indaba yabampofu, kepha omubi akayiqondi.


kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite