Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 1:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wona ayakubhubha, kepha wena umi njalo; wona onke ayakuguga njengengubo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Wona ayobhubha, kodwa Wena umi njalo, wona wonke ayoguga njengengubo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ziyakubhubha; kodwa wena uhlala; futhi zonke ziyoguga njengengubo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ziyakubhubha; kodwa wena uhlala; futhi zonke ziyoguga njengengubo;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 1:11
22 Referans Kwoze  

Phakamiselani amehlo enu ezulwini, niwubheke umhlaba phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane, kepha insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyikuphela.


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awayikudlula.


Ibandla lonke lasezulwini liyaphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinini nanjengokubunileyo emkhiwaneni.


Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


Lokho kokuthi: “Kusezakuba kanye” kutshengisa ukuguqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime.


“Ngokuba bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.


Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona.


UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: “Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi:


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”


Bheka, iNkosi uJehova iyakungisiza; ngubani oyakungilahla na? Bheka, bonke bayakuguga njengengubo, badliwe njengezinundu.


Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na? Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni: mina Jehova engingowokuqala nenginguye nakwabokuphela.”


UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo; uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade.


Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”


“Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti, uthi: Ngingowokuqala, ngingowokugcina, ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.


Kuyakubhubha lokhu, kepha uyakuma; yebo, kuyakuguga konke njengengubo; njengesambatho uyakukuguqula, kuguqulwe.


Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite